Skip to main content

Abangqongqozi

Abangqongqozi umuthi owenza okuningi. Uyangela kwizithako zokudonsa imali nebaso, uyangena emithini yamabhizinisi, nokuvula inhlanhla. Uyangena emithini yamasoka afuna ukuqonywa wenze izintombi zikuthande. Uyafakwa emithini yomsebenzi kanye nokufesa ukuze uthandeke uqashwe. Uyangena kwizihlanzi zegazi nesithunzi.


Uyaphinda ungene imithini ebovu lapho kuchithwa icala, engene futhi kwizithako zikaphunyuka lapho uvika isitha kanye namaphoyisa. Uyangena kwidliso lomoya, elidliswayo kanye neliphephethwayo. Uyaphinda ungene emithini yomashonisa yokubuyisa izikweletu, uthakwe futhi nalapho kubuyiswa okuntshontshiwe (uthakwa neminye).